Skip to content

Inkosikazi YoMfundisi

(1 customer review)

R120,00

Inkosikazi YoMfundisi (A Pastor’s Wife: Conversations with Wives of Men in Ministry) is book by pastors’ wives for pastors’ wives, full of practical wisdom and encouragement.

Lena yincwadi yanoma yiyiphi inkosikazi efuna ukuphilela ukuthokozisa uNkulunkulu empilweni yayo, kodwa kakhulukazi endimeni yayo njengenkosikazi yomfundisi.  Ababhali bahlanganise ndawonye iminyaka eyi-138 yokuhlakanipha okuqoqiwe ngesihloko. Bayashisekela ngesifiso sabo ukukhuthaza amakhosikazi abefundisi asemasha nalawo akusasa ngemigomo yeBhayibheli nezibonelo zempilo ephiliwe okwangempela, banikezwa indlela okumele bayilandele kanye nethemba.

Authors: Mamane, Mambi, Mpunzana, Nyawo, Xaba. Editor: S Binion. 148 pages. Also available in English in print and Kindle formats.

Inkosikazi YoMfundisi (A Pastor’s Wife: Conversations with Wives of Men in Ministry) is book by pastors’ wives for pastors’ wives, full of practical wisdom and encouragement.

Siyavuma noma siyaphika, inkosikazi yomfundisi yenza indima ebalulekile emsebenzini weNkosi owenziwa ngumyeni wayo. Kwezinye izindawo ingakhomba impumelelo noma ukulimala kwawo. Kodwa ngabe leyo ndima iphetheni? Ngabe lokhu okulindelwe yibandla ngayo kuyefana nalokho okulindelwe nguNkulunkulu? Ingaluthola kanjani ubizo okungolwayo lomsebenzi weNkosi futhi ingalugcwalisa kanjani?  Izivunguvungu zokugxekwa kanye nokungabaza engahlangabezana nakho. Kubakhona izinkinga ngesikhathi iphethe ikhaya layo futhi ikhulisa abantwana bayo. Ingaphila kanjani usuku nosuku noJesu njengeNkosi yayo?

Lena yincwadi yanoma yiyiphi inkosikazi efuna ukuphilela ukuthokozisa uNkulunkulu empilweni yayo, kodwa kakhulukazi endimeni yayo njengenkosikazi yomfundisi.  Ababhali bahlanganise ndawonye iminyaka eyi-138 yokuhlakanipha okuqoqiwe ngesihloko. Bayashisekela ngesifiso sabo ukukhuthaza amakhosikazi abefundisi asemasha nalawo akusasa ngemigomo yeBhayibheli nezibonelo zempilo ephiliwe okwangempela, banikezwa indlela okumele bayilandele kanye nethemba.

Le ncwadi (Inkosikazi YoMfundisi) izokusiza ngempela futhi ikukhuthaze ngesikhathi usebenza eceleni komyeni wakho. Ngiyayincoma lencwadi kuwona wonke amakhosikazi abefundisi. (Amazwi kaCarol Britten, ongumbhali kanye nomyeni wakhe uBruce, wezincwadi ezibizwa Answers For Your Marriage neLove and Marriage: Questions Young People Ask.)

Umshado yisona sodwa isikole lapho abantu bethola izitifiketi zabo ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo. Njengenkosikazi yomfundisi, uthola izitifiketi ezimbili ngaphandle kokuthi uqeqeshwe. Ukuze uphumelele ekuhlolweni kwakho okulandela (izivivinyo, ukubekezela kanye nokuhlupheka okusemshadweni nokusemsebenzini weNkosi), lencwadi izoba wusizo olukhulu.  (Lamazwi acashunwe kwisandulelo esibhalwe nguDokotela Takalani Dube.)

Authors: Mamane, Mambi, Mpunzana, Nyawo, Xaba. Editor: S Binion. 148 pages. Also available in English in print and Kindle formats.

1 review for Inkosikazi YoMfundisi

  1. M Mdluli

    My wife and I have had a read at this book both of us.
    Firstly I must stress that this book is good for males as well because it is a eye opener.

    The book itself was a great read for both my wife and I, we have seen a huge difference in our marriage with reading this book.

    A must read. I encourage every couple to read this

Add a review

Your email address will not be published. Required fields are marked *